Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
IzEnzo 1:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Labo bonke baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni nasekunxuseni, kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. IsiZulu 2020 Bonke laba baqinisela ekukhulekeni benhliziyonye bekanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. Baasraak Zulu New Testament Bible Labo bonke baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni nasekunxuseni, kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo. |
Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
Kwakukhona lapho abesifazana abanengi, bekhangele bekhatshana, ababelandele uJesu bevela eGalili, bemkhonza;
Kwakukhona nabesifazane bebukele bekude, phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncinyane nokaJose, noSalome;
Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe.
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele na?
Bonke abazana naye, nabesifazane ababemlandela bevela eGalile, bema kude, bebuka lezo zinto.
Nabesifazane abeza naye bevela eGalile balandela, balibona ithuna, nokubekwa kwesidumbu sakhe.
KwakunguMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe, nabanye besifazane ababe nabo, babatshela lokho abaphostoli.
Basebesuka ngalesosikhathi, babuyela eJerusalema, bafica abalitshumi lanye bebuthene ndawonye lalabo ababelabo.
Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.
Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.
ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;