Wathi: “Ucele into enzima; kodwa uma ungibona lapho ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe; kepha uma kungenjalo, akuyikuba njalo.
IzEnzo 1:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi besagqolozele ezulwini enyuka, bheka, amadoda amabili emi ngakubo embethe izingubo ezimhlophe; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, IsiZulu 2020 Bathi besagqolozele ezulwini ehamba, kwabonakala amadoda amabili emi ngakubo, egqoke izingubo ezimhlophe, Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi besagqolozele ezulwini enyuka, bheka, amadoda amabili emi ngakubo embethe izingubo ezimhlophe; |
Wathi: “Ucele into enzima; kodwa uma ungibona lapho ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe; kepha uma kungenjalo, akuyikuba njalo.
Ngabuka zaze zaphonswa phansi izihlalo zobukhosi, kwahlala oMdala wezinsuku, ingubo yakhe imhlophe njengeqhwa, nezinwele zekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo; isihlalo sakhe sobukhosi sasinjengelangabi lomlilo namasondo aso njengomlilo ovuthayo.
Waseguqulwa isimo phambi kwabo, ubuso bakhe bakhazimula njengelanga, nezingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
Sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; besaba.
Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo;
Wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.
Wabona embonweni ngokusobala, kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini ingelosi kaNkulunkulu iza kuye, ithi kuye: “Korneliyu!”
UKorneliyu wathi: “Ezinsuku ezine ezidlule kwaze kwaba yileli hora ngizila ukudla; ngehora lesishiyagalolunye ngakhuleka endlini yami;
Unamagama ayingcosana naseSardesi alabo abangangcolisanga izingubo zabo; bayakuhamba nami ngembethe ezimhlophe, ngokuba bafanele.
Ngathi kuye: Nkosi, nguwe owaziyo. Yathi kimi: Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.