IzAga 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bantwana, yizwani ukulaya kukayise, nilalele ukuze nifunde ukwazi ukuqonda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda. IsiZulu 2020 Yizwani madodana ami, ukuyala kukayihlo, nilalelelisise, ukuze nazi ukuqonda. |
Indodana ehlakaniphileyo ilalela ukulaya kukayise, kepha isideleli asikuzwa ukusolwa.
Beka indlebe yakho uzwe amazwi abahlakaniphileyo, uqondise inhliziyo yakho ekwazini kwami.
Ndodana yami, qaphela ukuhlakanipha kwami, ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami.
Yisho ekuhlakanipheni ukuthi: ‘Ungudadewethu; futhi ubize ukuqonda ngokuthi isihlobo sakho.
Salilalela-ke izwi likaJonadaba, indodana kaRekabi, ubaba, kukho konke asiyala ngakho ukuba singaphuzi wayini zonke izinsuku zethu, thina, omkethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu;
Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele.