UFaro wayesekhipha indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa ilineni elicolekileyo, wafaka iketanga legolide entanyeni yakhe;
IzAga 1:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ziyakuba ngumhlobiso omuhle ekhanda lakho namaketanga entanyeni yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho. IsiZulu 2020 iyoba ngumqhele wobuhle ekhanda lakho, nomgexo entanyeni yakho. |
UFaro wayesekhipha indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa ilineni elicolekileyo, wafaka iketanga legolide entanyeni yakhe;
Ngakho ukuziqhenya kubahaqa njengeketanga; ubudlwangudlwangu bubambozile njengengubo.
Ungaphelelwa umusa nokuthembeka; zibophe entanyeni yakho; kulobe esibhebheni senhliziyo yakho.
Izihlathi zakho zinhle ngezinhlobonhlobo zamatshe ayigugu, intamo yakho ngamaketanga egolide.
Uyikhazimulisile inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami; uyikhazimulisile inhliziyo yami ngelinye lamehlo akho, nangeketanga elilodwa lentamo yakho.
Salilalela-ke izwi likaJonadaba, indodana kaRekabi, ubaba, kukho konke asiyala ngakho ukuba singaphuzi wayini zonke izinsuku zethu, thina, omkethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu;
Ngakuhlobisa ngezivunulo, ngakufaka amasongo ezandleni neketanga entanyeni yakho.
Futhi ngizwile ngawe ukuthi ungakwazi ukuchaza futhi uxazulule ukungabaza; manje uma ukwazi ukuwufunda umbhalo, ungazise incazelo yawo, wembathiswe okubomvu, ufake neketanga legolide entanyeni yakho, ube ngowesithathu embusweni.
Khona-ke uBelishasari wayala, futhi bagqokisa uDaniyeli okubomvu futhi bamfaka iketanga legolide entanyeni yakhe futhi bamemezela ngaye ukuthi uyakuba ngumbusi wesithathu embusweni.
Inkosi yamemeza ngezwi elikhulu ukuba kulethwe ababhula ngezinkanyezi, namaKaledi, nabahlola imihlola; Inkosi yasikhuluma, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhiloni: “Ofunda lo mbhalo, angazise incazelo yawo, agqokwe okubomvu, afakwe iketanga legolide entanyeni yakhe, abe ngowesithathu embusweni.