Wathi kumuntu: “Bheka, ukumesaba uJehova kungukuhlakanipha; nokudeda ebubini kungukuqondisisa.
IzAga 1:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa. IsiZulu 2020 Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa. |
Wathi kumuntu: “Bheka, ukumesaba uJehova kungukuhlakanipha; nokudeda ebubini kungukuqondisisa.
Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova; bonke abenza imiyalo yakhe banengqondo enhle; ukudunyiswa kwakhe kumi kuze kube phakade.
Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi?
Ukumesaba uJehova kuyisiyalo sokuhlakanipha; ngaphambi kodumo kukhona ukuthobeka.
Ungakhulumi ezindlebeni zesiwula, ngokuba siyakudelela ukuhlakanipha kwamazwi akho.
Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.
Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele;
Ngakho-ke gcina, ukwenze; ngokuba kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu phambi kwamehlo ezizwe eziyakuzwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabahlakaniphileyo.