USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikayise uDavide; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.
IzAga 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Amazwi kaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, IsiZulu 2020 Lezi yizaga zikaSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. |
USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikayise uDavide; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.
UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokumthembisa kwakhe, kwaba khona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni; benza isivumelwano bobabili.
Bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe liyakuba nguSolomoni, nginike u-Israyeli ukuthula nokuzola ezinsukwini zakhe.
Kuwo wonke amadodana ami, ngokuba uJehova wangipha amadodana amaningi, wakhetha uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli.
USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaJehova njengenkosi esikhundleni sikaDavide uyise, waba nenhlanhla; wonke u-Israyeli wamlalela.
Wafa esemdala, esanelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Izaga zikaSolomoni. Indodana ehlakaniphileyo ijabulisa uyise, kepha indodana eyisiwula ingumthwalo kanina.
ukuze nginazise isiqiniseko samazwi eqiniso; ukuze uphendule amazwi eqiniso kulabo abakuthumayo?
Futhi phezu kwalokho, ngenxa yokuthi umshumayeli wayehlakaniphile, waqhubeka efundisa abantu ulwazi; yebo, wacabangisisa, waphenya, walungisa amazwi amaningi.