Bathi: “Izinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba namuhla, enye ayikho.
IsiLilo 5:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Okhokho bethu bonile futhi abasekho; sathwala ububi babo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo. IsiZulu 2020 Okhokho bethu benza okubi, manje abasekho, kodwa sekuyithi esesithweswe ububi babo. |
Bathi: “Izinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba namuhla, enye ayikho.
Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Nginiphucile abantwana bami; UJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, nizomsusa noBenjamini; zonke lezi zinto zimelene nami.
Futhi kungani ungathetheleli isiphambeko sami futhi ususe ububi bami na? ngokuba manje ngiyakulala othulini; niyongifuna ekuseni, kodwa ngibe ngingasekho.
Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.
Uzakuthi kibo: Ngoba oyihlo bangitshiyile, itsho iNKOSI, balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, babakhothamela, bangilahla, kabagcinanga umlayo wami;
Nina nenze okubi kunoyihlo; ngoba bhekani, nihamba, kube yilowo nalowo ngobubi benhliziyo yakhe embi, ukuze bangangilaleli.
Usho kanje uJehova, uthi: “Izwi liyezwakala eRama, ukulila nokukhala okumunyu; URaheli owayekhalela abantwana bakhe wala ukududuzwa ngabantwana bakhe ngoba bengekho.
Ngalezonsuku kabasayikuthi: Oyise badla isivini esimuncu, amazinyo abantwana aba buthuntu.
Litshoni ukuthi likhuluma lesi saga ngezwe lakoIsrayeli esithi: Oyise badlile izithelo zomvini ezimunyu, lamazinyo abantwana aba buthuntu?
UJehova uyabekezela, unomusa omkhulu, othethelela ububi neziphambeko, angahlambululi onecala nangayiphi indlela, ahambele ububi bawoyise kubantwana kuze kube isizukulwane sesithathu nesesine.