Isikhumba sethu simnyama njengeziko ngenxa yendlala embi.
Isikhumba sethu siyasha njengeziko ngokushisa kwendlala.
Isikhumba sethu sishisisa okweziko ngenxa yokubhuqwabhuqwa yindlala.
Isikhumba sami simnyama phezu kwami, namathambo ami ashiswa ukushisa.
Ngokuba senginjengegabha emsini; nokho angizikhohlwa izimiso zakho.
Ugugisile inyama yami nesikhumba sami; waphula amathambo ami.
Ubuso babo bumnyama kunelahle; abaziwa ezitaladini; isikhumba sabo sinamathela emathanjeni abo; yabuna, yaba njengenduku.