Madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule, owanigqokisa okubomvu nezinye izibiliboco, owafaka imihlobiso yegolide engutsheni yenu.
IsiLilo 4:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abadlile kahle bangamaganga ezitaladini; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abakade bedla okumnandi sebechithakele ezitaladini. Ababekhuliswa ngokububende sebesingatha izala. IsiZulu 2020 Labo abebekade bedla okumnandi, sebeyimizulane emigwaqweni. Labo ababekhuliswe ngokububende, manje sebelala ezaleni. |
Madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule, owanigqokisa okubomvu nezinye izibiliboco, owafaka imihlobiso yegolide engutsheni yenu.
Kodwa induna yathi kubo: Inkosi yami ingithumile yini enkosini yenu lakuwe ukukhuluma lamazwi? Akangithumanga yini kubantu abahlezi phezu komduli ukuba badle ubulongwe bawo, baphuze umchamo wabo kanye nani?
Bamanziswe yimvula yezintaba, bagone idwala ngenxa yokuswela indawo yokukhosela.
Akesabi iqhwa endlini yakhe, ngokuba yonke indlu yakhe yembethe izindwangu ezibomvu.
Bonke abantu bakhe bayabubula, bafuna isinkwa; babanika okumnandi njengokudla kokunciphisa umphefumulo; bheka, Jehova, unake; ngoba sengikhohlakele.
Wayesefisa ukugcwalisa isisu sakhe ngamakhoba adliwa yizingulube, kepha kwakungekho muntu owamnikayo.
Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elicolekileyo, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa.
Kodwa naphumela ukuyabonani na? Umuntu owembethe ingubo ethambileyo na? Bhekani, abembethe eziwubukhazikhazi, bephila kamnandi, basezindlini zamakhosi.