Bheka, ngiyakhala ngokungabi nabulungisa, kepha kangizwakali; Ngimemeza kakhulu, kodwa akukho ukwahlulela.
IsiLilo 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Noma ngimemeza ngimemeza, akawuvali umkhuleko wami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami. IsiZulu 2020 Nalapho ngikhala ngicela usizo, akawunakanga umkhuleko wami. |
Bheka, ngiyakhala ngokungabi nabulungisa, kepha kangizwakali; Ngimemeza kakhulu, kodwa akukho ukwahlulela.
Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthukuthelela umkhuleko wabantu bakho na?
O Jehova, koze kube nini ngikhala, kodwa ungezwa! ngisho nakubizela ebudloveni, kodwa ngeke ukhulule!
Kwathi ngehola lesificamunwemunye uJesu wamemeza ngelizwi elikhulu, wathi: Eli, Eli, lama sabaktani? okungukuthi: Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa.