UJehova wabonakala kuye ngalobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe, ngikubusise, ngandise inzalo yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.
IsiLilo 3:57 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wasondela ngosuku engakubiza ngalo; wathi: Ungesabi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wasondela ngosuku lokubiza kwami, wathi: “Ungesabi.” IsiZulu 2020 Lapho ngikubiza, ngicela usizo, weza kimi, wathi: “Ungesabi.” |
UJehova wabonakala kuye ngalobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe, ngikubusise, ngandise inzalo yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.
U-Isaya wathi kubo: “Niyakusho kanje enkosini yenu: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ungawesabi amazwi owazwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingihlebe ngawo.
Ngosuku engamemeza ngalo, wangiphendula, wangiqinisa ngamandla emphefumulweni wami.
Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.
Khona uyakubiza, uJehova aphendule; kufanele ubize, futhi uyothi: Nangu mina! Uma nisusa phakathi kwenu ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okuyize;
Wena-ke bopha izinkalo zakho, usukume, ukhulume kubo konke engikuyala ngakho; ungethuki ebusweni babo, funa ngikwenze ube namahloni phambi kwabo.
INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli;
Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi.
Ngokuba umthetho awuphelelisanga lutho, kepha kwangeniswa ithemba elingcono; esisondela ngayo kuNkulunkulu.
Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili.
Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;
Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.