Ngabiza igama lakho, Jehova, ngisemgodini ophansi.
Ngalibiza igama lakho, Jehova, ngisemgodini phansi.
Ngakhuleka kuwe, Simakade, ngisemgodini phansi.
Ungilalise egodini eliphansi kakhulu, ebumnyameni, ekujuleni.
Base bemthatha uJeremiya, bamphonsa emthonjeni kaMalikhiya indodana yenkosi, owawusegcekeni letilongo; bamehlisa uJeremiya ngezindophi. Emthonjeni kwakungekho manzi, kodwa udaka; ngakho uJeremiya wacwila odakeni.