IsiLilo 3:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wangakhela phezu kwami wangihaqa ngenyongo nosizi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungakhele, wangihaqa ngenyongo nangokushikashikeka. IsiZulu 2020 Wakhe udonga, wangibiyela ngobuthi nobunzima. |
Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti ngabaprofethi; Bheka, ngiyabadlisa umhlonyane, ngibaphuzise inyongo; ngokuba kubaprofethi baseJerusalema kwaphuma ububi ezweni lonke.
Sihlalelani? buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sithule khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usithulisile, wasinika inyongo ukuba sinathe, ngokuba sonile kuJehova.
Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubadlisa laba bantu, ukuba badle nomhlonyane, ngibanike inyongo ukuba baphuze.
Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho, yazini-ke ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.