IsiLilo 3:43 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wasimboza ngolaka, wasihlupha; Ubulele, awuzange ubonise umusa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wazembesa ulaka, wasixosha, wabulala, ungahawukelanga. IsiZulu 2020 “Uzembese ngolaka, wasixosha, wabulala, awaze waba naluzwelo. |
UJehova wenza njengokucabanga kwakhe; Wafeza izwi lakhe ayala ngalo ezinsukwini zasendulo: Wawisa, akabanga namusa; futhi Wenza isitha senu sajabula ngani, waphakamisa uphondo lwezitha zenu.
Abancane nabadala balele phansi emigwaqweni; izintombi zami nezinsizwa zami ziwile ngenkemba; Wababulala ngosuku lwentukuthelo yakho; wabulala, wangabi nazwelo.
Iso lami aliyikuhawukela, futhi angiyikuba nesihe; ngiyakukubuyisela ngokwezindlela zakho nezinengiso zakho eziphakathi kwakho; niyakwazi ukuthi nginguJehova oshayayo.
Ngalokho nami ngiyakwenza ngokufutheka; iso lami aliyikuhawukela, angiyikuba nesihawu;
Noma yini ephathelene nami, iso lami ngeke libahawukele, futhi ngeke ngibe nesihe, kodwa ngiyokunikela phezu kwamakhanda abo.