IsiLilo 3:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uhlezi yedwa athule, ngoba uzithwalile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Makahlale yedwa, athule, lapho emthwesa lona. IsiZulu 2020 Makahlale yedwa, athule, ngokuba nguSimakade omethwese lona. |
Angihlalanga emhlanganweni wabaklolodayo, futhi angizange ngijabule; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho, ngokuba wangigcwalisa ngokufutheka.
Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; bazithela ngothuli emakhanda abo; babhinca izingubo zokulila; izintombi zaseJerusalema zilengisa amakhanda azo emhlabathini.