Basizwa phezu kwabo, amaHagari anikelwa esandleni sabo nabo bonke ababe nabo; ngoba babethembele kuye.
IsiLilo 3:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye. IsiZulu 2020 Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.” |
Basizwa phezu kwabo, amaHagari anikelwa esandleni sabo nabo bonke ababe nabo; ngoba babethembele kuye.
Noma engibulala, ngiyothembela kuye; kepha mina ngiyakumisa izindlela zami phambi kwakhe.
U-Israyeli makathembele kuJehova, ngokuba kuJehova kukhona umusa, futhi kuye kukhona insindiso enkulu.
Ngakhala kuwe, Nkosi, ngathi: Wena uyisiphephelo sami lesabelo sami elizweni labaphilayo.
Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.
Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngosizo lobuso bakhe.
Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? thembela kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.
Themba kuye njalo; zizwe, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe: uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela.
Inyama yami nenhliziyo yami kuyaphela, kepha uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
Ebuningini bemicabango yami kimi ukududuza kwakho kuyathokozisa umphefumulo wami.
Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo, ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto; u-Israyeli uyinduku yefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.
Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo; ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto, u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.
Ngakho ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.
Futhi futhi u-Isaya uthi: Kuyakuba khona impande kaJese, futhi oyakuvuka abuse phezu kwabezizwe; abezizwe bazathembela kuye.
Ngakho abayikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa labo, njengokusho kwakhe kubo.
enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.
UDavide wacindezeleka kakhulu; ngoba abantu babekhuluma ukumkhanda ngamatshe, ngoba imiphefumulo yabantu bonke yayinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.