Wambiza umuntu kaNkulunkulu owayevela kwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngenxa yokuthi weqile umlomo kaJehova, awugcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo,
IsiLilo 1:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova ulungile; ngokuba ngahlubuka emyalezweni wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “UJehova ulungile, ngokuba ngihlubukile izwi lakhe. Ake nizwe, bantu bonke, nibone ubuhlungu bami. Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni. IsiZulu 2020 “USimakade ungijezise ngokufanele, ngokuba angililalelanga izwi lakhe. Lalelani bantu, bukani nibone ubuhlungu bami. Izintombi nezinsizwa zami zihambile, zisekuthunjiweni. |
Wambiza umuntu kaNkulunkulu owayevela kwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngenxa yokuthi weqile umlomo kaJehova, awugcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo,
Futhi ngemva kwakho konke okusehlele ngenxa yezenzo zethu ezimbi nangenxa yeziphambeko zethu ezinkulu, njengoba wena, Nkulunkulu wethu, wasijezisa kancane kunalokho okufanele ukona kwethu, futhi wasinika insindiso enjengale;
Kodwa kabalalelanga, bakuhlubuka, baphosela umlayo wakho ngemva kwemihlane yabo, bababulala abaprofethi bakho ababefakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izinengiso ezinkulu.
Kodwa wena ulungile kukho konke okusehlela phezu kwethu; ngoba wena wenze okulungileyo, kodwa thina senze okubi.
Ngiyazi, Jehova, ukuthi izahlulelo zakho zilungile, nokuthi ungicindezele ngokwethembeka.
UFaro wayesethuma wabiza oMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile ngalesi sikhathi; uJehova ulungile, mina nabantu bami sibabi.
Uqinisile, Jehova, lapho ngiphikisana nawe; ake ngikhulume kuwe ngezahlulelo zakho: kungani indlela yababi iphumelela? kungani bejabula bonke abenza ngokukhohlisa na?
Bangena, balidla; kepha abalilalelanga izwi lakho, abahambanga emthethweni wakho; abenzanga lutho lwakho konke owabayala ngakho ukuba bakwenze; ngalokho ubehlisele bonke lobu bubi phezu kwabo.
Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesikho ukuphuza endebeni bayakuphuza impela; futhi nguwe oyohamba ungajeziswa nhlobo? ngeke uyeke ukujeziswa, kodwa kumelwe nakanjani uphuze kuso.
Akulutho yini kini nonke enidlulayo? bhekani, nibone, uma lukhona usizi olunjengosizi lwami engabuzwa ngalo uJehova wangicindezela ngalo ngosuku lwentukuthelo yakhe.
Sonile, senza ububi, senza okubi, sahlubuka ngokuphambuka emiyalweni yakho nasezimisweni zakho zokwahlulela.
Jehova, ukulunga kungokwakho, kepha ubuso bethu buyihlazo njenganamuhla; kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema nakuye wonke u-Israyeli oseduze nakude, emazweni onke lapho obaxoshele khona ngenxa yesiphambeko sabo abasenze kuwe.
UJehova olungileyo uphakathi kwawo; akenzi okubi; njalo ekuseni uyaveza ilungelo lakhe, akaqedi; kepha ongalungile akawazi amahloni.
Kepha amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi, akubambanga yini koyihlo na? babuya, bathi: “Njengokuba uJehova Sebawoti wayehlosile ukwenza kithi njengezindlela zethu nezenzo zethu, wenze njalo kithi.
Kepha ngobulukhuni bakho nenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu;
Khathesi siyazi ukuthi konke okutshoyo umlayoukutsho kwabangaphansi komlayo, ukuze yonke imilomo ivinjwe, lokuthi umhlaba wonke ube lecala phambi kukaNkulunkulu.
Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe ziwukulunga; uNkulunkulu weqiniso ongenabubi, ulungile, ulungile yena.
Wayesethi u-Adoni-bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisithupha neshumi ayenquma izithupha noqukula abutha phansi kwetafula lami; njengoba ngenzile, kanjalo uNkulunkulu ungibuyisele. Basebemyisa eJerusalema, wafela khona.
Ngokuba ukuhlubuka kufana nesono sokuthakatha, nenkani ingububi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye ukulahlile wena ukuba ungabi yinkosi.