UJehu esefikile eJizreyeli, u-Izebeli wezwa; wapenda ubuso wakhathala walunguza ngefasitela.
IsAmbulo 9:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Zazinezinwele ezinjengezabesifazana, namazinyo azo enjengamazinyo ezingonyama. IBHAYIBHELI ELINGCWELE futhi sasinezinwele ezinjengezinwele zabesifazane, namazinyo aso ayenjengawezingonyama, IsiZulu 2020 Sasinezinwele ezinjengezinwele zabesifazane, amazinyo aso efana nawezingonyama. Baasraak Zulu New Testament Bible Zazinezinwele ezinjengezabesifazana, namazinyo azo enjengamazinyo ezingonyama. |
UJehu esefikile eJizreyeli, u-Izebeli wezwa; wapenda ubuso wakhathala walunguza ngefasitela.
Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama, futhi ngilala phakathi kwabashiswa umlilo, amadodana abantu amazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo, nolimi lwabo luyinkemba ebukhali.
Esikhundleni sephunga elimnandi kuyakuba khona ukunuka; nasesikhundleni sebhande isimbobo; esikhundleni sezinwele ezilungiswe kahle impandla; esikhundleni sentombi ibhande lendwangu yamasaka; futhi ashise esikhundleni sobuhle.
Ngokuba isizwe sami sikhuphukele ukulwa nezwe lami, esinamandla nesingenakubalwa, esimazinyo aso angamazinyo engonyama, esinamazinyo ezihlathini zengonyama enkulu.
Kunjengoba u-Isaya asho ngaphambili ukuthi: “Uma uJehova Sebawoti engasishiyelanga inzalo, besiyakuba njengeSodoma, sifane neGomora.
Kanjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda; kungabi ngezinwele ezalukiweyo, negolide, namaparele, nezambatho ezinenani elikhulu;
Ukuhloba kwenu makungabi ngokokwangaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokwembatha izingubo;