IsAmbulo 6:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho livula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu esiphilayo sithi: Woza, ubone. Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama; nohlezi phezu kwalo wayephethe isikali esandleni sakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe. IsiZulu 2020 Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona: nanto ihhashi elimnyama, nogibele kulo ephethe isilinganisi esandleni sakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Lapho livula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu esiphilayo sithi: Woza, ubone. Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama; nohlezi phezu kwalo wayephethe isikali esandleni sakhe. |
Ukudla kwakho oyakukudla kuyakuba ngesisindo amashekeli angamashumi amabili ngosuku; kufanele ukudle izikhathi ngezikhathi.
Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyakwephula udondolo lwesinkwa eJerusalema, badle isinkwa ngesilinganiso nangokukhathazeka; futhi bayophuza amanzi ngesilinganiso nangokumangala.
Uma ngiluphulile udondolo lwesinkwa senu, abesifazane abayishumi bayakubhaka isinkwa senu kuhhavini munye, babuyisele isinkwa senu ngesisindo; uyakudla ungasuthi.
Enqoleni yokuqala kwakukhona amahhashi abomvu; enqoleni yesibili amahhashi amnyama;
Amahhashi amnyama okulo aphumela ezweni lasenyakatho; nabamhlophe babalandela; futhi ezosiwe ziphuma ziye ezweni eliseningizimu.
Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.
Omunye wamalunga wathi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuvula incwadi nokuthukulula izimpawu zayo eziyisikhombisa.
Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;
Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu, ngezwa esinye sezidalwa ezine eziphilayo sithi, njengezwi lokuduma: “Woza ubone!