IsAmbulo 21:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” IsiZulu 2020 Uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo. Ukufa akusayukuba khona; ukudabuka, ukukhala, nobuhlungu akusayukuba khona, ngokuba okokuqala kudlulile.” Baasraak Zulu New Testament Bible UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile. |
Uyakushwabadela ukufa ngokunqoba; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke; futhi usongo lwabantu bayo iyoyisusa emhlabeni wonke, ngoba uJehova ukukhulumile.
Ngokuba izizwe ziyakuhlala eSiyoni eJerusalema; ungabe usakhala; uma ekuzwa, uyakuphendula.
Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni behlabelela, benokuthokoza okuphakade emakhanda abo; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa, kubaleke usizi nokububula.
Ngakho abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni ngokuthokoza; futhi injabulo yaphakade iyoba phezu kwekhanda labo; bayothola intokozo nentokozo; usizi nokulila kuyakubaleka.
Ilanga lakho alisayikushona; nenyanga yakho ayiyikugoqa, ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya kwakho kwaphakade, nezinsuku zokulila kwakho ziphele.
ukumisa abalilayo eZiyoni, ukubanika umhlobiso esikhundleni somlotha, amafutha entokozo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odabukileyo; ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga, okutshalwe nguJehova, ukuze adunyiswe.
Ngalokho bayakuza bahlabelele endaweni ephakemeyo yaseSiyoni, bagobhoze kanyekanye ebuhleni bukaJehova, phezu kwamabele, newayini, namafutha, nezimvu, nezinkomo; umphefumulo wabo uyakuba njengensimu eniselwe; futhi kabayikulila lakanye.
Khona intombi iyakujabula ekusineni, izinsizwa namaxhegu kanyekanye, ngokuba ngiyakuphendula ukulila kwabo kube-yinjabulo, ngibaduduze, bajabule ngokudabuka kwabo.
Ngizabahlenga emandleni eHayidese; ngiyakubakhulula ekufeni; Kufa, ngizakuba yinhlupho yakho;
nabasebenzisa leli zwe, babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyedlula.
Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,
Lelilizwi elithi: Kusezakuba kanye, litshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuthi okwenziwayo, ukuze kuhlale okunganyikinywayo.
Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.
Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo, kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo; nokufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.
Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile; ulwandle lwalungasekho.
Akusayikuba-khona isiqalekiso, kepha isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba kuwo; nezinceku zakhe ziyakumkhonza;
Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;