Yalinganisa ubude bayo: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: Le yindawo eNgcwelengcwele.
IsAmbulo 21:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umuzi wawunezinhlangothi ezine ezilinganayo, ubude bawo bungangobubanzi bawo; walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili. Ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kuyalingana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umuzi umi unezinhlangothi ezine, nobude bawo bungangobubanzi bawo. Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu* ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene. IsiZulu 2020 Umuzi wawunezinhlangothi ezine, ubude bawo bulingana nobubanzi bawo. Wawukala umuzi ngenduku; ubude, ububanzi, nokuphakama kwawo kwakulingana, kungamastadiyu ayizi-12 000. Baasraak Zulu New Testament Bible Umuzi wawunezinhlangothi ezine ezilinganayo, ubude bawo bungangobubanzi bawo; walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili. ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kuyalingana. |
Yalinganisa ubude bayo: yizingalo ezingamashumi amabili; nobubanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili phambi kwethempeli; wathi kimi: Le yindawo eNgcwelengcwele.
Walilinganisa ezinhlangothini zozine; lalinogange nxazonke zalo: zingalo ezingamakhulu ayisihlanu ubude nobubanzi obungamakhulu ayisihlanu, ukwahlukanisa indawo engcwele nendawo engcolile.
Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.
Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.
Yalinganisa ugange lwawo, izingalo eziyikhulu namashumi amane nane, ngesilinganiso somuntu, okungukuthi, sengelosi.