IsAmbulo 20:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo. IsiZulu 2020 Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo. Baasraak Zulu New Testament Bible Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo. |
zibaphose esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
zibaphonse esithandweni somlilo; lapho kuyakuba khona ukulila nokugedla amazinyo.
Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;
Leha ho le jwalo, le se ke la thabela hoo, ha meya e le tlasa lona; le mpe le thabe, hobane mabitso a lona a ngodilwe lehodimong.
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.
Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;
Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;
Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.
USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
Ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; izincwadi zavulwa, nenye incwadi yavulwa, eyincwadi yokuphila; abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.
Onqobayo uyakwembathiswa izingubo ezimhlophe; futhi ngeke ngilesule igama lakhe encwadini yokuphila, kodwa ngiyolivuma igama lakhe phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.