Hlala kuJehova, umlinde ngokubekezela; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.
IsAmbulo 2:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 wabekezela, wabekezela, ngenxa yebizo lami wakhandleka, kawuphela amandla. IBHAYIBHELI ELINGCWELE unokubekezela, wakhuthazela ngenxa yegama lami, kawukhathalanga. IsiZulu 2020 Wakhuthazela, futhi wabekezela ngenxa yegama lami; awuzange ukhathale. Baasraak Zulu New Testament Bible wabekezela, wabekezela, ngenxa yebizo lami wakhandleka, kawuphela amandla. |
Hlala kuJehova, umlinde ngokubekezela; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.
Ngiyakuthwala ukufutheka kukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze angiphendulele indaba yami, anginike ubulungisa; Uyongikhiphela ekukhanyeni, futhi ngiyobona ukulunga kwakhe.
Base becindezela odlulayo othile, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe.
USimoni waphendula wathi kuye: “Rabi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho;
Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.
Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.
Khonzani koTrifina noTrifosa, abasebenza kanzima eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini.
Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;
lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
ukuze nibathobele abanjalo, nakubo bonke abasizayo nabakhandlekayo kanye nathi.
Singazincomi ngaphezu kwesilinganiso sethu, okungukuthi, ngemisebenzi yabanye; kodwa sinethemba, nxa ukholo lwenu lukhula, sizakwandiswa kini ngokwesimiso sethu kakhulu;
Bayizikhonzi zikaKristu na? (Ngikhuluma njengesiwula) mina kakhulu; ekukhandlekeni okuchichima kakhulu, ngemivimbo engaphezu kwesilinganiso, ematilongweni kaningi, nasekufeni kaningi.
Ngakho kasidangali; kepha noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla.
Ngakho sisebenza nzima ukuthi, loba sikhona kumbe singekho, sibe ngabamukelekayo kuye.
Emivimbo, etilongweni, esiphithiphithini, ekukhandlekeni, nasekulindeni, nasekuzila ukudla;
Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize.
Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila.
Niqiniswe ngamandla onke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kube kukho konke ukubekezela nokubekezela kanye nentokozo;
sikhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokholo, nomshikashika wothando, nokubekezela kwethemba eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu;
Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, umshikashika wethu nokushikashikeka kwethu, sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi muntu kini, sashumayela ivangeli likaNkulunkulu kini.
Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, abaniyalayo;
INkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kuKristu.
Asidlanga sinkwa samuntu mahhala; kodwa sisebenza ngokukhandleka nangomshikashiko ubusuku nemini, ukuze singabi mthwalo kunoma yimuphi kini.
Ngokuba ngalokho siyakhandleka futhi siyathukwa, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulukazi wabakholwayo.
Amalunga aphatha kahle makabalwe njengabafanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo asebenza kanzima ezwini nasekufundiseni.
Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze kuthi, seniyenzile intando kaNkulunkulu, namukele isithembiso.
Ngakho-ke nathi njengoba sizungezwe ifu elingaka lawofakazi, masilahle konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijime ngokubekezela umncintiswano obekwe phambi kwethu,
Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.
Ukuze ningavilaphi, kodwa nilingise labo abathi ngokholo nangokubekezela badla ifa lezithembiso.
nasolwazini ukuzithiba; nasekuzithibeni ukubekezela; nasekubekezeleni ukumesaba uNkulunkulu;
Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.
Ngokuba uligcinile izwi lokubekezela kwami, nami ngiyakukulondoloza ehoreni lokulingwa eliyakufika phezu komhlaba wonke ukulinga abakhileyo emhlabeni.