Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba ningathwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo;
IsAmbulo 2:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha ngithi kinina nakwabanye abaseThiyathira, nonke eningenasifundiso, eningakwaziyo ukujula kukaSathane, njengokusho kwabo; angiyikubeka phezu kwenu omunye umthwalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulileyo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo; IsiZulu 2020 Kepha ngithi kini eniseleyo eThiyathira, nina nonke eningenayo le mfundiso, eningakwazi okujulileyo kukaSathane njengalokhu besho, anginethwesi omunye umthwalo, Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha ngithi kinina nakwabanye abaseThiyathira, nonke eningenasifundiso, eningakwaziyo ukujula kukaSathane, njengokusho kwabo; angiyikubeka phezu kwenu omunye umthwalo. |
Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba ningathwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo;
Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, womuzi waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, wasizwa, onhliziyo yakhe iNkosi yayivula ukuba alalele okwakhulunywa nguPawulu.
Kodwa ngiyesaba ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu zonakaliswe, zisuke ebuqothweni obukuKristu.
Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli.
esithi: Mina nginguAlfa loOmega, owokuqala lowokuphela; e-Efesu, naseSmirna, nasePhergamo, naseThiyathira, naseSardesi, naseFiladelfiya, naseLawodikeya.
Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.
Sidukisa abakhileyo emhlabeni ngezibonakaliso esase sinamandla ukuzenza phambi kwesilo; sitshela abakhileyo emhlabeni ukuthi basenzele umfanekiso isilo, esasinenxeba lenkemba, kodwa saphila.
Ngiyayazi imisebenzi yakho, lalapho ohlala khona, lalapho isihlalo sikaSathane sikhona; njalo ulibambile ibizo lami, kawuphikanga ukholo lwami, langalezonsuku uAntipasi engumfakazi wami othembekileyo, owabulawa phakathi kwenu, lapho uSathane ehlala khona.
Nakuyo ingelosi yebandla laseThiyathira loba ukuthi: “Nakhu ikushoyo iNdodana kaNkulunkulu, enamehlo anjengelangabi lomlilo, nezinyawo zayo zifana nethusi elikhazimulayo;
Ngiyayazi imisebenzi yakho, nosizi, nobumpofu, (kodwa ucebile) futhi ngiyakwazi nenhlamba yalabo abathi bangamaJuda, kanti bengesiwo, kodwa isinagoge likaSathane.