IsAmbulo 17:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yathi kimi: “Amanzi owawabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, ayizizwe, nezixuku, nezizwe, nezilimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yayisithi kimi: “Amanzi owabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi. IsiZulu 2020 Yayisithi kimi: “Amazwi owabonileyo lapho bekuhleli khona isifebe, ngabantu, izixuku, izizwe nezilimi. Baasraak Zulu New Testament Bible Yathi kimi: “Amanzi owawabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, ayizizwe, nezixuku, nezizwe, nezilimi. |
Usho kanje uJehova; Bheka, amanzi akhuphuka enyakatho, abe nguzamcolo okhukhulayo, akhukhule izwe nakho konke okukulo; umuzi nabakhileyo kuwo, khona-ke abantu bayokhamuluka, bakhale bonke abakhileyo ezweni.
Wena ohlala emanzini amanengi, inotho yengcebo, sekufikile ukuphela kwakho, lesilinganiso sokuhaha kwakho.
Ngokuba uJehova waliphanga iBabele, wachitha kulo izwi elikhulu; lapho amaza alo ehlokoma njengamanzi amakhulu, kuzwakale umsindo wezwi lawo.
Amanzi amkhulisa, uzamcolo wamphakamisa, imifula yakhe yazungeza izitshalo zakhe, nemifula yakhe yaphumela kuyo yonke imithi yasendle.
Yasisithi kimi: Kumelwe uprofethe futhi ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi.
Abantu nemindeni nezilimi nezizwe bayakuzibona izidumbu zabo izinsuku ezintathu nenxenye, bangavumeli izidumbu zabo zibekwe emathuneni.
Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi kimi: “Woza lapha; Ngiyakukukhombisa ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi;
Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;