Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 15:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

Emva kwalokho ngabona, bheka, selivuliwe ithempeli letabernakele lobufakazi ezulwini;

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Emva kwalokho ngabona, kwase kuvulwa ithempeli letabernakele* lobufakazi ezulwini,

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Emveni kwalokho ngabona, kwavulwa ithempeli, ithabanakeli lobufakazi ezulwini,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Emva kwalokho ngabona, bheka, selivuliwe ithempeli letabernakele lobufakazi ezulwini;

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 15:5
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kumelwe ubeke isihlalo somusa phezu komphongolo; futhi emkhunjini kumelwe ubeke ubufakazi engizokunika bona.


Lezi ziyinani letabernakele, itabernakele lobufakazi, njengoko kwabalwayo ngokomthetho kaMose enkonzweni yamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.


Kodwa kumelwe ubeke amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi naphezu kwazo zonke izitsha zalo naphezu kwakho konke okungokwalo; kumelwe bathwale itabernakele nazo zonke izinto zalo; bayakulikhonza, balimise nxazonke zetabernakele.


Kodwa amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele lobufakazi, funa kufike ulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lobufakazi.


Bheka, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;


abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni.


Kwavulwa ithempeli likaNkulunkulu ezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe, kwaba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


Savula umlomo waso ukuhlambalaza uNkulunkulu, ukuhlambalaza igama lakhe netabernakele lakhe, nabahlezi ezulwini.