Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsAmbulo 13:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

Sanikwa sona ukulwa nabangcwele, nokubanqoba, sanikwa amandla phezu kwezizwe zonke, nezilimi, nezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe; sanikwa futhi amandla phezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi, nezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Sanikwa ukuba silwe nabangcwele, sibanqobe. Sanikwa futhi igunya phezu kwemindeni yonke, abantu, izilimi, nezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Sanikwa sona ukulwa nabangcwele, nokubanqoba, sanikwa amandla phezu kwezizwe zonke, nezilimi, nezizwe.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsAmbulo 13:7
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngakuvusa-ke impela, ukuze ngibonakalise amandla ami kuwe; nokuthi igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Izembe lingaziqhayisa ngogawula ngalo na? Noma ingabe isaha liyozikhulisa ngokumelene nalowo olinyakazisayo? njengokungathi induku ithuthumela phezu kwabayiphakamisayo, noma sengathi induku iziphakamisa njengokungathi akulona ukhuni.


Kalizwanga yini kudala ukuthi ngakwenza njani lokhu; nasendulo ukuthi ngakubumba na? manje ngikwenzile ukuba uchithe imizi eyinqaba ibe yincithakalo.


Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.


“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyasukuma, isikhulu esikhulu esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba khona isikhathi sosizi esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; futhi ngaleso sikhathi abantu bakho bayosindiswa, bonke abayolotshwa encwadini.


Ngabona, lolu phondo lwalwa nabangcwele, lwabanqoba;


Futhi iyokhuluma amazwi amakhulu ngokumelene noPhezukonke futhi iqede abangcwele boPhezukonke futhi icabange ukuguqula izikhathi nemithetho, futhi kuyonikelwa esandleni sayo isikhathi nezikhathi nengxenye yesikhathi.


USathane wathi kuye: “Amandla onke lawa ngiyakukunika wona, nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina; lalowo engithanda ukumnika wona.


UJesu waphendula wathi: “Ungeke ube namandla neze phezu kwami, uma ungawanikwanga evela phezulu;


Yasisithi kimi: Kumelwe uprofethe futhi ngabantu abaningi, nezizwe, nezilimi, namakhosi.


Izizwe zathukuthela, kwasekufika ulaka lwakho, lesikhathi sabafileyo esokwahlulelwa, lokuthi unike umvuzo inceku zakho abaprofethi, labangcwele, lalabo abesaba ibizo lakho, abancinyane. Futhi mkhulu; futhi kufanele abhubhise labo ababhubhisa umhlaba.


Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.


Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nensali yenzalo yakhe, egcina imiyalo kaNkulunkulu, enobufakazi bukaJesu Kristu.


Yathi kimi: “Amanzi owawabonayo, lapho sihlezi khona isifebe, ayizizwe, nezixuku, nezizwe, nezilimi.


Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;