Njengowesifazane okhulelweyo esesondela esikhathini sokubeletha, usezinhlungwini futhi ukhale ezindleleni zakhe; saba njalo phambi kwamehlo akho, Jehova.
IsAmbulo 12:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ekhulelwe wakhala, enemihelo, ebuhlungu ngokuzala. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ekhulelwe wakhala, enemihelo esikwa ngubuhlungu bokubeletha. IsiZulu 2020 Wayekhulelwe, wakhala ngenxa yemihelo, esikwa, enobuhlungu bokubeletha. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwathi ekhulelwe wakhala, enemihelo, ebuhlungu ngokuzala. |
Njengowesifazane okhulelweyo esesondela esikhathini sokubeletha, usezinhlungwini futhi ukhale ezindleleni zakhe; saba njalo phambi kwamehlo akho, Jehova.
Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.
Hlabelela wena nyumba, wena ongazalanga; jabula, umemeze, wena ongakhulelwanga, ngokuba abantwana boyincithakalo baningi kunabantwana bowendileyo,” usho uJehova.
Yizwi lomsindo elivela emzini, yizwi elivela ethempelini, izwi likaJehova ephindisela ezitheni zakhe.
Manje ukhalelani ngokuzwakalayo? Ayikho inkosi kuwe? ufile umeluleki wakho na? ngoba usizi lukubambile njengobelethayo.
Ngakho-ke iyakuwanikela kuze kube yisikhathi lapho okhulelweyo esebelethile; insali yabafowabo iyakubuyela kubantwana bakwa-Israyeli.
Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Jabula wena nyumba ongazalanga; gqamuka ukhale, wena ongabhibhiyo, ngokuba abantwana boyisigebenga baningi kunalowo onomyeni.