Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
IsAmbulo 12:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nensali yenzalo yakhe, egcina imiyalo kaNkulunkulu, enobufakazi bukaJesu Kristu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu. IsiZulu 2020 Udrago wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu. Baasraak Zulu New Testament Bible Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nensali yenzalo yakhe, egcina imiyalo kaNkulunkulu, enobufakazi bukaJesu Kristu. |
Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
Futhi inkosi kumelwe yenze ngokwentando yayo; iyoziphakamisa, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume izimangaliso ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nempumelelo, kuze kuphele ulaka; ngoba okumisiweyo kuzokwenzeka.
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.
Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezela kini ubufakazi bukaNkulunkulu.
Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;
Okholwa eNdodaneni kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe; ngoba engakholwanga ubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.
Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu, nxa sithanda uNkulunkulu, sigcina imiyalo yakhe.
Owafakaza ngezwi likaNkulunkulu, nobufakazi bukaJesu Kristu, nangazo zonke izinto azibonayo.
Mina Johane, nongumfowenu, nomhlanganyeli wenu osizini, embusweni nasekubekezeleni kukaJesu Kristu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu Kristu.
Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.
Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula udrako awukhipha emlonyeni wakhe.
Sanikwa sona ukulwa nabangcwele, nokubanqoba, sanikwa amandla phezu kwezizwe zonke, nezilimi, nezizwe.
Nakhu ukubekezela kwabangcwele, nabagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.
Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;
Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.
Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;
Ngase ngibona isilo, namakhosi omhlaba, namabutho awo, ebuthene ukuba alwe nohlezi ehhashini, nebutho lakhe.
Ngase ngibona izihlalo zobukhosi, bahlezi phezu kwazo, banikwa ukwahlulela; ngase ngibona imiphefumulo yalabo ababenqunywe amakhanda ngenxa yobufakazi bukaJesu, nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nabangazange bakhulekele isilo noma isilo. Umfanekiso wakhe, bengalutholanga uphawu emabunzini abo, noma ezandleni zabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.
Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.
Lapho livula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.