Wenza nendlu ephakemeyo, wamisa abapristi besizwe esiphansi, ababengesibo abantwana bakwaLevi.
Hoseya 8:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba u-Israyeli wamkhohlwa uMenzi wakhe, wakha amathempeli; uJuda uyandise imizi enezivikelo eziqinile, kepha ngiyakuphonsa umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zakhe zobukhosi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.” IsiZulu 2020 Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe nguMdali wakhe, wakhe izigodlo, uJuda wandisa imizi ebiyelweyo. Ngiyakuthumela umlilo emizini yakhe, ungqongqise izinqaba zakhe.” |
Wenza nendlu ephakemeyo, wamisa abapristi besizwe esiphansi, ababengesibo abantwana bakwaLevi.
Kwathi, njengokungathi kuyinto elula kuye ukuhamba ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, wathatha u-Izebeli indodakazi ka-Etibhali inkosi yamaSidoni ukuba abe ngumkakhe, wahamba wambulala. Wakhonza uBali, wakhuleka kuye.
Ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi, inkosi yase-Asiriya, wenyukela kuyo yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithumba.
Wakha nemibhoshongo ehlane, wemba imithombo eminingi, ngokuba wayenemfuyo eningi emathafeni nasemathafeni; nabalimi nabasebenzi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayethanda ukulima.
Ngaphezu kwalokho, wakha imizi ezintabeni zakwaJuda, nasemahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.
Ngenxa yokuthi ukhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho, awuzange ucabange ngedwala lamandla akho, ngakho-ke kufanele utshale izitshalo ezinhle, uzibeke ezitshalweni ezingaziwayo.
Kodwa lapho ebona abantwana bakhe, umsebenzi wezandla zami, phakathi kwakhe, bayongcwelisa igama lami futhi bangcwelise oNgcwele kaJakobe futhi besabe uNkulunkulu ka-Israyeli.
UJehova uyakuphuma njengeqhawe, avuse ukushisekela njengeqhawe; Uyakubiza, yebo, abhonge; uyakunqoba izitha zakhe.
Ngakho wathululela phezu kwakhe ukuvutha kolaka lwakhe namandla empi, kwamthungela inhlangothi zonke, kodwa yena engakwazi; wamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni.
Bonke abantu bayokwazi, okungukuthi u-Efrayimi nabakhileyo eSamariya, abathi ngenhliziyo ezidlayo nenamandla:
Kepha uma ningangilaleli ukungcwelisa usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo, ningene ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha; ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacimi.
Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ingubo yakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.
abacabanga ukwenza abantu bami bakhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisayo kumakhelwane wakhe, njengalokho oyise bakhohlwa igama lami ngoBali.
Kwezwakala izwi ezindaweni eziphakemeyo, ukukhala nokunxusa kwabantwana bakwa-Israyeli, ngokuba babephambukile indlela yabo, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.
Ziyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho, amadodana akho namadodakazi akho azokudla; ziyakudla izimvu zakho nezinkomo zakho; bayakudla izivini zenu nemikhiwane yenu; bayakuyenza ibe mpofu imizi yakho ebiyelweyo abathembele kuyo ngenkemba.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ningikhohliwe, ningilahle ngemuva kwakho, nithwale ihlazo lakho nobufebe bakho.
Basutha ngokwamadlelo abo; bayasutha, nenhliziyo yabo iziphakamisile; ngalokho bangikhohlwa Mina.
Ngiyakumhambela ngezinsuku zawoBali, ashumayeza ngazo impepho, wazihlobisa ngamacici akhe nezinto zakhe ezicwebezelayo, walandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa mina,” usho uJehova.
Abantu bami babhubha ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi, nami ngiyakukulahla, ungabi ngumpristi wami; ngoba ukhohliwe umlayo kaNkulunkulu wakho, lami ngizakhohlwa abantwana bakho.
Kodwa ngizathumela umlilo phezu komduli weTire, ozaqeda izindlu zayo zamakhosi.
Kodwa ngizaphemba umlilo odongeni lweRaba, njalo uzaqeda izigodlo zalo, ngentokozo ngosuku lwempi, ngesivunguzane ngosuku lwesiphepho.
Kodwa ngiyakuthuma umlilo endlini kaHasayeli, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.
Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle uNkulunkulu ayimisela ngaphambili ukuba sihambe kuyo.