Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Hoseya 2:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

Futhi ngizokugana ube ngowami kuze kube phakade; yebo, ngiyakugana wena ngokulunga, nangobulungisa, nangobubele, nangomusa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngiyakuzimisela wena ube ngumkami kuze kube phakade, ngizimisele wena ngokulunga, nangokwahlulela, nangomusa, nangobubele.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngiyakuzithathela wena ube ngumkami kwaphakade, ngizithathele wena ngokulunga, ngobulungiswa, ngomusa nangesihawu.

Uka jalj uñjjattʼäta



Hoseya 2:19
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Umusa neqiniso kuhlangene; ubulungisa nokuthula kwangana.


IZiyoni lizahlengwa ngokulunga, labaphendukayo balo ngokulunga.


Uyakumiswa ngokulunga; uyakuba kude nosizi; ngokuba aniyikwesaba, nokwesabeka; ngoba ngeke isondele kuwe.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho; NguJehova Sebawoti igama lakhe; noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Uyobizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.


Ngokuba uJehova wakubiza njengowesifazane oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni, nowesifazane osemusha owaliwayo, usho uNkulunkulu wakho.


Uzafunga uthi: Kuphila kukaJehova ngeqiniso, ngokulunga langokulunga; izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizidumise Ngaye.


Lapho ngidlula kuwe, ngakubona, bheka, isikhathi sakho kwakuyisikhathi sothando; ngendlala ingubo yami phezu kwakho, ngembesa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngenza isivumelwano nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.


Kangisayikubafihlela ubuso bami, ngoba ngithulule uMoya wami phezu kwendlu kaIsrayeli, itsho iNkosi uJehova.


Ngiyakuphulukisa ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngesihle, ngokuba ulaka lwami lubuyile kuye.


Kodwa uJuda uzaphila kuze kube nininini, leJerusalema izizukulwane ngezizukulwane.


“Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyosusa amagama onkulunkulu ezweni, ukuze bangabe besakhunjulwa; futhi ngiyobangela abaprofethi nomoya ongcolile ukuphuma ezweni.


Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.


Ngakho-ke, bazalwane bami, nani senabulawa umthetho ngomzimba kaKristu; ukuze libe ngomunye, yena owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.


Ngokuba ngiyanishisekela ngesikhwele sikaNkulunkulu, ngokuba nganandisela endodeni eyodwa, ukuze nginethule kuKristu niyintombi emhlophe.


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.