Ngasemuva kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sabamba isithende sika-Esawu; igama lakhe lalinguJakobe, u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.
Hoseya 12:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yebo, yayinamandla phezu kwengelosi futhi yanqoba; wakhala, wamncenga; wamfumana eBethele, wakhuluma nathi khona; IBHAYIBHELI ELINGCWELE walwa nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo; yamfumana eBethele, yakhuluma naye lapho. IsiZulu 2020 Wabambana nengelosi, wanqoba; wakhala, wanxusa kuyo isibusiso. Yamfumana eBhethele, yakhuluma nathi lapho, |
Ngasemuva kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sabamba isithende sika-Esawu; igama lakhe lalinguJakobe, u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.
Esebona ukuthi akamnqobanga, wamthinta esikhoxeni senyonga; isikhonkwane senyonga kaJakobe saqhekezeka ekubambeni kwakhe.
Wathi: “Ngiyeke ngihambe, ngokuba kuyasa.” Wathi: “Angiyikukuyeka ukuba uhambe, ungakangibusisi.”
UJakobe wambuza wathi: “Ngitshele igama lakho.” Wathi: “Ubuzelani igama lami na? Wambusisa lapho.
UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu ayekhulume khona naye ngokuthi iBethele.
Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba phambi kwakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuphila kwami kuze kube namuhla;
Waphendula ulwandle lwaba umhlabathi owomileyo; badabula umfula ngezinyawo; lapho sathokoza kuye.
Kukho konke ukuhlupheka kwabo wacindezelwa, ingilosi yobuso bakhe yabakhulula; othandweni lwakhe nangobubele bakhe wabahlenga; wazithwala, wazithwala zonke izinsuku zasendulo.
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.
Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;