U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.
Hoseya 12:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kukhona ukungabi nabulungisa eGileyadi? impela ziyize; bahlaba izinkunzi eGiligali; yebo, ama-altare abo anjengezinqwaba emiseleni yensimu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu. IsiZulu 2020 Ngabe iGiliyadi selonakele? Impela abaselutho; bahlabe izinkunzi eGiligali, ngakho-ke ama-althare abo ayakuba njengenqwaba yamatshe emiseleni yamasimu. |
U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.
Kepha uJehova wafakaza ngo-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nangabo bonke ababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami ngokomthetho wonke engawuyala oyihlo, engawuyalayo. Ethunyelwe kini ngezinceku zami abaprofethi.
Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.
Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? mabasukume uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho; ngoba njengomumo wemizi yakho banjalo onkulunkulu bakho, Juda!
U-Israyeli ungumvini ongenalutho, uyazithela izithelo; ngobuningi bezithelo zawo wandisa ama-altare; njengobuhle bezwe lakhe benza izithombe ezinhle.
Inhliziyo yabo yahlukene phakathi; manje bayotholakala bentula; uyakuwadiliza ama-altare abo, achithe izithombe zabo.
Noma ufeba, Israyeli, uJuda makangakhubeki; ningezi eGiligali, ningakhuphukeli eBeti Aveni, ningafungi: Kuphila kukaJehova!
Ngokuba u-Efrayimi wandisa ama-altare ukuba one, ama-altare ayakuba ngezono ngawo.
Bonke ububi babo buseGiligali, ngokuba ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo ziyizihlubuki.
Wozani eBethele, neqe; eGiligali siyanda isiphambeko; nilethe imihlatshelo yenu nokweshumi kwenu ekuseni njalo emva kweminyaka emithathu.
Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningaweli eBeri Sheba; ngoba iGiligali lizakuya ekuthunjweni, leBhetheli lizabhubha.
Futhi wathi: Yizwani amazwi ami: Uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina, iNkosi, ngizozazisa kuye ngombono futhi ngikhulume kuye ngephupho.