Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.
Hoseya 1:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu wathi: “Mbize ngokuthi uLoami, ngokuba anisibo abantu bami, nami angiyikuba nguNkulunkulu wenu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesethi uJehova: “Qamba igama layo ngokuthi uLo-Ami,* ngokuba anisibo abantu bami, mina angiyikuba nguNkulunkulu wenu. IsiZulu 2020 Wayesethi: “Iqambe igama uthi: ‘uLo Ami,’ ngokuba aniseyibo abantu bami, nami angisenguye uNkulunkulu wenu.” |
Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.
Ngosuku olulandelayo uPhashuri wamletha uJeremiya esitolo. UJeremiya wayesethi kuye: “UJehova akakubizanga ngokuthi uPhashuri, kepha wathi ngoMagormissabibi.
Kodwa umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nokubalwa; nasendaweni lapho kwathiwa kubo: Anisibo abantu bami, kuyakuthiwa kubo: Ningabantwana bakaNkulunkulu ophilayo.
Ngiyakuhlwanyela yena emhlabeni; ngiyakuba nomusa kongahawukelwanga; ngiyakuthi kwabangebona abantu bami: Ningabantu bami; futhi bayothi: Wena unguNkulunkulu wami.