Khona-ke uThathenayi, umbusi nganeno komfula, neSetharibhozenayi nabangane babo, njengoba nje uDariyu inkosi wayethumele, benza kanjalo ngokushesha.
Esteri 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wembathisa uMoridegayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe, wathi: Makwenziwe kanje kumuntu inkosi emfunayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UHamani wathatha-ke isambatho nehhashi, wamembathisa uMoridekayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe ngokuthi: “Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.” IsiZulu 2020 UHamani wayesethatha ingubo nehhashi, wagqokisa uMoridekhayi, wamgibelisa ehhashini, wamusa esigcawini somuzi ehamba phambi kwakhe ememeza, ethi: “Bhekani, uyokwenzelwa lokhu umuntu inkosi ethanda ukumdumisa nokumklomelisa!” |
Khona-ke uThathenayi, umbusi nganeno komfula, neSetharibhozenayi nabangane babo, njengoba nje uDariyu inkosi wayethumele, benza kanjalo ngokushesha.
Inkosi yathi kuHamani: “Shesha uthathe ingubo nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kumJuda uMoridegayi ohlezi esangweni lenkosi; ungavimbi lutho kukho konke okukhulumile.
UMoridekayi wabuye wafika esangweni lenkosi; Kepha uHamani waphuthuma endlini yakhe, elila, ezimboze ikhanda.
UMoridegayi wasuka enkosini egqoke izingubo zobukhosi eziluhlaza nokumhlophe, enomqhele omkhulu wegolide, nangengubo yelineni elicolekileyo nokububende; umuzi waseShushani wathokoza, wajabula.
Bonke ababusi bezifunda, nezinduna, nezikhulu, nezikhulu zenkosi babasiza abaJuda; ngoba ukwesaba uMoridekayi kwabehlela.
Ogcina umkhiwane uyakudla isithelo sawo; kanjalo uyakudunyiswa olindela inkosi yakhe.
Amadodana abakucindezelayo ayakuza kuwe ekukhothamela; bonke abakudelelayo bayakukhothama phambi kwamathe ezinyawo zakho; bayakukubiza ngokuthi uMuzi kaJehova, iSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.
Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.