ukuletha uVashiti indlovukazi phambi kwenkosi ephethe umqhele wobukhosi ukuze abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngoba wayemuhle ukumbona.
Esteri 2:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkosi yamthanda u-Esteri ngaphezu kwabo bonke abesifazane, wathola umusa nesihe emehlweni ayo ngaphezu kwazo zonke izintombi; wayesemthwesa umqhele wobukhosi, wamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashiti. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkosi yamthanda u-Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi, wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti. IsiZulu 2020 Inkosi yamthanda kakhulu ukwedlula bonke abesifazane; wafumana umusa emehlweni ayo, yamphatha kahle ukuzedlula zonke izintombi. Yamethwesa umqhele wobukhosi yamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashithi. |
ukuletha uVashiti indlovukazi phambi kwenkosi ephethe umqhele wobukhosi ukuze abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngoba wayemuhle ukumbona.
Ngakho u-Esteri wayiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yayo yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.
Ngokuba uma nithula impela ngalesi sikhathi, kuyakuvela ukwandiswa nokusindiswa kwabaJuda kwenye indawo; kepha wena nendlu kayihlo niyakuchithwa; Ngubani owaziyo ukuthi ungene embusweni isikhathi esinjengalesi na?
Makulethwe ingubo yobukhosi inkosi eyembathayo, nehhashi eligibele inkosi, nomqhele wobukhosi obekwe ekhanda layo.
Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; Uyiphendulela lapho ethanda khona.
Yonke imithi yasendle iyakwazi ukuthi mina, Jehova, ngehlise umuthi omude, ngaphakamisa umuthi omncane, ngomisa umuthi oluhlaza, ngenza umuthi owomileyo uqhakaze; mina Jehova ngikhulumile, ngikwenzile.
Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo.