Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 1:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

Uma kukuhle enkosini, makwehle umthetho wobukhosi kuyo, ulotshwe emithethweni yamaPheresiya namaMede, ukuze kungashintshwa ukuthi uVashiti angabe esafika phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi; inkosi mayinike omunye ongcono kunaye impahla yakhe yobukhosi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Uma kukuhle enkosini, makuphume izwi lobukhosi, lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi u-Ahashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Uma kukuhle kuwe nkosi, mawukhiphe isimemezelo sasebukhosini, sibhalwe emthethweni ukuthi uVashiti uyamenqabela ukuba aphinde angene lapho inkosi ikhona, kube wumthetho wamaPheresiya namaMediya ongaguquki, bese inkosi ithatha enye indlovukazi engcono kunaye.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 1:19
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wonke u-Israyeli wezwa isahlulelo inkosi; besaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu bekukuyo ukwenza ukwahlulela.


Ngokufanayo, amakhosikazi asePheresiya naseMediya ayakusho namuhla kuzo zonke izikhulu zenkosi ezizwe ngesenzo sendlovukazi. Ngaleyo ndlela kuzovela ukwedelela okukhulu nentukuthelo.


Leli zwi lalilungile emehlweni enkosi nasezikhulwini; inkosi yenza njengezwi likaMemukani.


Ngemva kwalezi zinto, lapho ulaka lwenkosi u-Ahashiveroshi selubohlile, wamkhumbula uVashiti nalokho ayekwenzile nalokho okwakunqunyelwe kuye.


Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba babhujiswe, futhi ngiyakunikela amathalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zalabo abanandaba ukuze bawangenise engcebweni yenkosi.


Wathi: “Uma kukuhle enkosini, noma ngifumene umusa emehlweni ayo, nendaba ibonakala ilungile phambi kwenkosi, ngithandeka emehlweni ayo, makulotshwe ngezincwadi uHamani, indodana uHamedatha umAgagi owalobela ukubhubhisa abaJuda abakuzo zonke izifunda zenkosi.


Futhi lobelani abaJuda egameni lenkosi njengokufisa kwenu, nilinamathelise ngendandatho yenkosi; ngoba umbhalo olotshiweyo ebizweni lenkosi, waphawulwa ngendandatho yenkosi, kawuphenduki muntu.


Kwalethwa itshe, labekwa phezu komgodi womgodi; inkosi yayisinamathelisa ngendandatho yayo yophawu nangendandatho yophawu lwezikhulu zayo; ukuze kungaguqulwa inhloso ngoDaniyeli.


USamuweli wasesithi kuye: Lamuhla uJehova udabule umbuso wakoIsrayeli kuwe, wawunika umakhelwane wakho ongcono kulawe.