Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Esteri 1:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

ukuletha uVashiti indlovukazi phambi kwenkosi ephethe umqhele wobukhosi ukuze abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngoba wayemuhle ukumbona.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ukuba zimlethe uVashiti inkosikazi phambi kwenkosi, abe nomqhele wobukhosi ukuba abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngokuba wayebukeka kahle.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

ukuba balethe indlovukazi uVashiti ifake umqhele wobundlovukazi. Indlovukazi yayingowesifazane omuhle, inkosi yayifuna ukubukisa ngobuhle bayo kubantu nasezikhulwini.

Uka jalj uñjjattʼäta



Esteri 1:11
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu otusekayo njengo-Abisalomu ngobuhle bakhe; kusukela ematheni ezinyawo zakhe kuze kufike okhakhayini lwekhanda lakhe akantulanga.


Kepha indlovukazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinceku zayo; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, nentukuthelo yayo yavutha phakathi kwayo.


Inkosi yamthanda u-Esteri ngaphezu kwabo bonke abesifazane, wathola umusa nesihe emehlweni ayo ngaphezu kwazo zonke izintombi; wayesemthwesa umqhele wobukhosi, wamenza indlovukazi esikhundleni sikaVashiti.


Makulethwe ingubo yobukhosi inkosi eyembathayo, nehhashi eligibele inkosi, nomqhele wobukhosi obekwe ekhanda layo.


Inhliziyo yomuntu iceba indlela yakhe, kepha uJehova uqondisa izinyathelo zakhe.


Ubuhle buyinkohliso, nobuhle buyize; kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.


Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; futhi wayengowesifazane onengqondo enhle futhi ebukekayo; wayengowendlu kaKalebi.