Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




EkaJuda 1:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

Laba yibo abazahlukanisayo, abenyama, abangenaye uMoya.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Yibo laba abadala ukwahlukana bengabemvelo, bengenaye uMoya.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Laba yibo abazahlukanisayo, abenyama, abangenaye uMoya.

Uka jalj uñjjattʼäta



EkaJuda 1:19
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngesifiso udinga umuntu ozahlukanisayo, ogxambukela kukho konke ukuhlakanipha.


abathi: Yima wena, ungasondeli kimi; ngokuba mina ngingcwele kunawe. Kungumusi emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.


Ngoba yilowo lalowo wendlu kaIsrayeli loba owemzini ogogobeleyo koIsrayeli, ozazahlukanisa lami, abeke izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sobubi bakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi ukubuza kuye. Mayelana nami; Mina Jehova ngizamphendula ngokwami;


Angiyikuhambela amadodakazi enu, uma efeba, nabafelokazi benu, uma bephinga; ngoba bahlukene nezifebe, bahlabela nezifebe; ngakho-ke abantu abangaqondi bayakuwa.


Ngafumana u-Israyeli enjengezithelo zomvini ehlane; Ngabona oyihlo njengezithwathwa zokuqala emkhiwaneni ekuqaleni kwawo; kepha baya eBali Peyori, bazihlukanisela ihlazo; nezinengiso zabo zazinjengokuthanda kwabo.


Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.


Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye;


Yini? Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na?


singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.


Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli.