Uma wenza kahle, awuyikwamukeleka na? uma ungenzi okuhle, isono sihlezi ngasemnyango. Futhi emva kwakho kuyoba isifiso sakhe, futhi uyobusa phezu kwakhe.
EkaJakobe 5:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ningagqubuthelani, bazalwane, ukuze ningalahlwa; bhekani, umahluleli umi ngasemnyango. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango. IsiZulu 2020 Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango. Baasraak Zulu New Testament Bible Ningagqubuthelani, bazalwane, ukuze ningalahlwa; bhekani, umahluleli umi ngasemnyango. |
Uma wenza kahle, awuyikwamukeleka na? uma ungenzi okuhle, isono sihlezi ngasemnyango. Futhi emva kwakho kuyoba isifiso sakhe, futhi uyobusa phezu kwakhe.
Isikhathi sesifikile, usuku luyasondela; umthengi makangathokozi, nomthengisi angalili, ngokuba ulaka luphezu kwesixuku sakhe sonke.
Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.
Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zisenzeka, yazini ukuthi kuseduze ngaseminyango.
Kepha zonke lezo zinto zabehlela bona kube yizibonelo, kulotshiwe ukuba kube yisiyalo sethu, esesifikelwe ukuphela kwezwe.
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.
Yilowo nalowo makenze njengokunquma kwakhe enhliziyweni yakhe; kungabi ngokudabuka, noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda umuphi onamileyo.
Ngokuba umthetho wonke ugcwaliswa ezwini linye nakuleli; Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;
Munye ummisimthetho, onamandla okusindisa nokubhubhisa; ungubani wena owahlulela omunye na?
Bazalwane bami, thathani abaprofethi abakhuluma egameni leNkosi, babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.
Ngakho bekezelani, bazalwane, kuze kube sekufikeni kweNkosi. Bhekani, umlimi ulindela isithelo somhlaba esinqabileyo, uyabekezela ngaso, aze amukele imvula yokuqala neyamuva.
Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.