Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




EkaJakobe 5:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

Ningagqubuthelani, bazalwane, ukuze ningalahlwa; bhekani, umahluleli umi ngasemnyango.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ningagqubuthelani, bazalwane, ukuze ningalahlwa; bhekani, umahluleli umi ngasemnyango.

Uka jalj uñjjattʼäta



EkaJakobe 5:9
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uma wenza kahle, awuyikwamukeleka na? uma ungenzi okuhle, isono sihlezi ngasemnyango. Futhi emva kwakho kuyoba isifiso sakhe, futhi uyobusa phezu kwakhe.


Mabazulazule befuna ukudla, banqikaze uma bengasuthi.


Isikhathi sesifikile, usuku luyasondela; umthengi makangathokozi, nomthengisi angalili, ngokuba ulaka luphezu kwesixuku sakhe sonke.


Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.


Kanjalo nani, nxa nibona zonke lezi zinto, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.


Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zisenzeka, yazini ukuthi kuseduze ngaseminyango.


Ngakho uHerodiya waba nokusola kwakhe, wafuna ukumbulala; kodwa akakwazanga:


Kepha zonke lezo zinto zabehlela bona kube yizibonelo, kulotshiwe ukuba kube yisiyalo sethu, esesifikelwe ukuphela kwezwe.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


Yilowo nalowo makenze njengokunquma kwakhe enhliziyweni yakhe; kungabi ngokudabuka, noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda umuphi onamileyo.


Ngokuba umthetho wonke ugcwaliswa ezwini linye nakuleli; Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.


Masingathandi udumo oluyize, sicunula, sifelane umona.


Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;


Munye ummisimthetho, onamandla okusindisa nokubhubhisa; ungubani wena owahlulela omunye na?


Bazalwane bami, thathani abaprofethi abakhuluma egameni leNkosi, babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.


Ngakho bekezelani, bazalwane, kuze kube sekufikeni kweNkosi. Bhekani, umlimi ulindela isithelo somhlaba esinqabileyo, uyabekezela ngaso, aze amukele imvula yokuqala neyamuva.


abayakulandisa kuye olungele ukwahlulela abaphilayo nabafileyo.


Phathani omunye komunye ngaphandle kokukhononda.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.