EkaJakobe 5:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bekezelani nani; niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bekezelani nani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele. IsiZulu 2020 Nani-ke bekezelani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukubuya kweNkosi sekusondele. Baasraak Zulu New Testament Bible Bekezelani nani; niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele. |
Lindela uJehova, ube nesibindi, uyakuqinisa inhliziyo yakho; lindelani uJehova.
Hlala kuJehova, umlinde ngokubekezela; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.
Isikhathi sesifikile, usuku luyasondela; umthengi makangathokozi, nomthengisi angalili, ngokuba ulaka luphezu kwesixuku sakhe sonke.
Ngakho ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.
Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiwe, kepha ekugcineni uyakukhuluma, ungaqambi amanga; noma lilibala, lilinde; ngoba lizakuza lokufika, kalisoze liphele.
UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? ngilandele.
Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,
nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.
Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wethu wokuzibonga na? Angithi nina phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwayo na?
Ukuze aqinise izinhliziyo zenu zingasoleki ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu kanye nabangcwele bayo bonke.
INkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kuKristu.
Igolide lenu nesiliva kugqwalile; nokugqwala kwazo kuyakuba ngufakazi ngani, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ngezinsuku zokugcina.
Ningagqubuthelani, bazalwane, ukuze ningalahlwa; bhekani, umahluleli umi ngasemnyango.
Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Nempela ngiyeza masinyane. Amen. Noma kunjalo, woza, Nkosi Jesu.