EkaJakobe 5:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nimlahlile nambulala olungileyo; futhi akamelani nani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nilahlile, nabulala olungileyo; akamelani nani. IsiZulu 2020 Nilahle ngecala, nambulala olungileyo ongakwazi ukumelana nani. Baasraak Zulu New Testament Bible Nimlahlile nambulala olungileyo; futhi akamelani nani. |
Wacindezelwa, waba lusizi, kepha akawuvulanga umlomo wakhe; njengewundlu uyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu isimungulu phambi kwabagundi bayo, kanjalo akawuvuli umlomo wakhe.
Kodwa abalimi sebeyibonile indodana bakhulumisana besithi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, sidle ifa layo.
Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.
Wathi: “UNkulunkulu wawobaba ukukhethile ukuba wazi intando yakhe, umbone oLungileyo, uzwe izwi lomlomo wakhe.
Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;
Indawo yombhalo eyayiwufunda yayisithi: Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; nanjengewundlu elithule phambi komgundi walo, akawuvulanga umlomo wakhe;
Kepha olungileyo uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyikuthokoza ngaye.
Kepha nina nibadelile abampofu. Izicebi azinicindezeli yini, zinidonsele phambi kwezihlalo zokwahlulela na?
Uma olungileyo esindiswa kalukhuni, ongamesabi uNkulunkulu nesoni uyakuvelaphi na?