Kodwa uJehova wathumela umoya omkhulu elwandle, kwavela isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze waphuka.
EkaJakobe 3:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, nemikhumbi, imikhulu kangaka, iqhutshwa yimimoya enamandla, ijikiswa ngomphini omncane kakhulu, iye nomaphi lapho umbusi ethanda ukuya khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona. IsiZulu 2020 Bhekani, nemikhumbi njengoba imikhulu nje, idudulwa yimimoya enamandla, iqondiswe ngumshayeli ngephini elincane, iye lapho efuna ukuba iye khona. Baasraak Zulu New Testament Bible Bhekani, nemikhumbi, imikhulu kangaka, iqhutshwa yimimoya enamandla, ijikiswa ngomphini omncane kakhulu, iye nomaphi lapho umbusi ethanda ukuya khona. |
Kodwa uJehova wathumela umoya omkhulu elwandle, kwavela isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze waphuka.
Zonke izinto zinikelwe kimi nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uBaba; kakho futhi omaziyo uYise, ngaphandle kweNdodana, njalo loba ngubani iNdodana ethanda ukumambulela kuye.
Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, kangangokuthi umkhumbi wagutyungelwa amagagasi, kodwa yena wayelele.
Nokho induna yekhulu yakholwa umshayeli nomnikazi womkhumbi kunalezo ezazishiwo uPawulu.
Bheka, sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi ukuba asilalele; futhi sijika umzimba wabo wonke.
Kanjalo nolimi luyisitho esincane, kepha luyazidla kakhulu. Bhekani, umlilo omncane uvutha kangakanani!