Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa.
EkaJakobe 2:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abrahama ubaba akalungisiswanga yini ngemisebenzi, lapho enikela u-Isaka indodana yakhe e-altare na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na? IsiZulu 2020 U-Abhrahama, ukhokho wethu, akalungisiswanga yini ngemisebenzi lapho enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-althare na? Baasraak Zulu New Testament Bible U-Abrahama ubaba akalungisiswanga yini ngemisebenzi, lapho enikela u-Isaka indodana yakhe e-altare na? |
Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa.
Bheka uyihlo u-Abrahama noSara owakuzalayo, ngokuba ngambiza eyedwa, ngambusisa, ngamandisela.
Ningacabangi ukusho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.
Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami; ngoba ngiyahlushwa kulelilangabi.
Sathi: ‘Qha, baba Abrahama, kepha uma omunye kwabafileyo eya kubo, bayakuphenduka.
Baphendula, bathi kuye: Ubaba wethu uAbrahama. UJesu wathi kubo: Uma ningabantwana baka-Abrahama, benizokwenza imisebenzi ka-Abrahama.
Ingabe wena umkhulu kunobaba u-Abrahama osewafa na? nabaprofethi bafile; uzenza bani na?
Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana;
Ngakho-ke ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe, ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
noyise wokusoka kwabangasibo abokusoka kuphela, kodwa abahamba futhi ezinyathelweni zokholo lukababa wethu u-Abrahama ayenalo engakasoki.
Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke.
Ngokukholwa u-Abrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yena owayamukele izithembiso wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa.
Yebo, omunye angase athi: Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi; ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi yakho, nami ngizakukukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami.
Ngamthatha uyihlo u-Abhrahama ngaphetsheya kukazamcolo, ngamhambisa elizweni lonke laseKhanani, ngayandisa inzalo yakhe ngamnika u-Isaka.