Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




EkaJakobe 1:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uma umuntu esho ukuthi uyikholwa, engabophi ulimi lwakhe kungathi ngetomu kodwa ekhohlisa inhliziyo yakhe, ukukhonza kwalowo kuyize.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi unokholo, engalubambi ngetomu ulimi lwakhe, ekhohlisa eyakhe inhliziyo, ukukholwa kwalowo kuyize.

Uka jalj uñjjattʼäta



EkaJakobe 1:26
37 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uphendulela uNkulunkulu umoya wakho, ukhuphe amazwi anjalo emlonyeni wakho?


Ngokuba wakhulula intambo yami, wangicindezela, badedela netomu phambi kwami.


Jehova, beka umlindi phambi komlomo wami; vala umnyango emlonyeni wami.


Ningabi njengehhashi noma njengomnyuzi ongenangqondo; abamlomo wabo umelwe ukuboshwa ngokuluma namatomu, funa beze kuwe.


Gcina ulimi lwakho ebubini nezindebe zakho enkohliso.


Ebuningini bamazwi isono asintuli, kepha obamba izindebe zakhe uhlakaniphile.


Umlomo wolungileyo uveza ukuhlakanipha, kepha ulimi olubi luyakunqunywa.


Kukhona indlela ebonakala ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


Ulimi lwabahlakaniphileyo lusebenzisa ulwazi ngokufanele, kodwa umlomo weziwula uthulula ubuwula.


Izahlulelo zaphezulu zisezindebeni zenkosi: umlomo wayo awuphambuki ekwahluleleni.


Kukhona indlela ebonakala ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.


Ompofu ohamba ngobuqotho ungcono kunomlomo omubi futhi eyisiwula.


Ufisa usuku lonke, kodwa olungileyo akaphani futhi akagodli.


Ningabe nisaletha izipho eziyize; izithako ziyisinengiso kimi; ukwethwasa kwenyanga namasabatha, ukubiza imibuthano, anginakukuqeda; kungububi, ngitsho umkhosi.


Ukhuphula umlotha; inhliziyo ekhohlisayo imjikisile, ukuze angakwazi ukusindisa umphefumulo wakhe futhi angasho ukuthi: Akukho manga esandleni sami sokunene na?


Nathi: Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kunenzuzoni ukuthi sigcine ukwahlulela kwakhe, sihambe ngokulila phambi kukaJehova Sebawoti na?


Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.


Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.


Ngakho qaphelani ukuthi nizwa kanjani, ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; futhi lowo ongenakho uyothathwa kuye ngisho nalokho angathi unakho.


Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga bakaNkulunkulu; ngoba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga, uba kambe abafileyo bengavuki.


elisindiswa ngazo futhi, uma nikukhumbula lokho enganishumayeza khona, ngaphandle uma nikholwa ize.


Makungabikho ozikhohlisayo. Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kuleli zwe, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


Kodwa kulaba abathi banje, (loba babeyini, kakunandaba kimi, uNkulunkulu kakhethi ubuso bamuntu;


Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.


Ingabe nahlupheka kangaka ngeze na? uba kuseyize.


Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.


Makungaphumi nkulumo eyonakele emlonyeni wenu, kodwa kube kuhle kube kuhle kube nokwakhayo, ukuze kube umusa kwabezwayo.


namanyala, nenkulumo yobuwula, nokuntela, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho ukubonga.


Xwayani ukuba inhliziyo yenu ingakhohliswa, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo;


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, wonke umuntu makasheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma, ephuze ukuthukuthela;


Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa.


Kodwa uyathanda yini ukwazi wena muntu oyize, ukuthi ukholo olungelamisebenzi lufile?


Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso;