U-Israyeli wayengcwele kuJehova nolibo lwezithelo zakhe; bonke abasidlayo bayokhubeka; okubi kuyakubehlela, usho uJehova.
EkaJakobe 1:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe uhlobo lolibo lwezidalwa zakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe. IsiZulu 2020 Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe uhlobo lolibo lwezidalwa zakhe. |
U-Israyeli wayengcwele kuJehova nolibo lwezithelo zakhe; bonke abasidlayo bayokhubeka; okubi kuyakubehlela, usho uJehova.
Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Nxa lingena elizweni engilinika lona, livune isivuno salo, lizaletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu.
Maye kwabaphumula eSiyoni nabethemba intaba yaseSamariya ebizwa ngokuthi inhloko yezizwe indlu ka-Israyeli eya kuzo!
Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu.
(Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngikumisile ube nguyise wezizwe ezinengi), phambi kwalowo akholwayo, uNkulunkulu, ophilisa abafileyo, njalo obiza izinto ezingekho njengokungathi zikhona.
Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.
Ngezwi leqiniso, ngamandla kaNkulunkulu, ngezikhali zokulunga ngakwesokunene nangakwesokhohlo;
Khuphela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
Lomhlangano omkhulu lebandla lamazibulo alotshiweyo ezulwini, lakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, lemimoya yabalungileyo abapheleliswayo,
Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu.
Kepha uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaqambi iqiniso amanga.
nizelwe ngokusha, kungengembewu ebolayo, kodwa ngengenakonakala, ngezwi likaNkulunkulu eliphilayo nelimi phakade.
Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.
Wonke ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono; ngokuba imbewu yakhe ihlezi kuye, angoni, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.
Laba yibo abangangcoliswanga ngabesifazane; ngoba bayizintombi. Laba yibo abalandela iWundlu nomaphi lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, balibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu.