AmaHubo 96:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Udumo nobukhosi kuphambi kwakhe, amandla nobuhle kusendlini yakhe engcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe; amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele. IsiZulu 2020 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe, amandla nenkazimulo kusendlini yakhe engcwele. |
Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu kakhulu; wembethe udumo nobukhosi.
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Amazulu ashumayela inkazimulo kaNkulunkulu; nomkhathi ubonisa umsebenzi wezandla zakhe.
Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna; ukuze ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuhamba kwami, ukuze ngibone inkazimulo kaJehova, ngibuze ethempelini lakhe.
Izwi likaJehova lizalanisa izindluzelekazi, amahlathi abonakaliswe, nasethempelini lakhe, kube yilowo nalowo ngenkazimulo yakhe.
Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakukudumisa ngezindebe ezithokozayo.
Kumholi wokuhlabelela eGiti, ihubo likaDavide. Jehova, Nkosi yethu, igama lakho likhazimula kangakanani emhlabeni wonke! owabeka inkazimulo yakho phezu kwamazulu.
UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe amandla, azibhincile; nezwe lilungisiwe, ukuze linganyakaziswa.
Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;