AmaHubo 95:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ulwandle ngolwakhe, walwenza, izandla zakhe zabumba umhlabathi owomileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ulwandle ngolwakhe, walwenza; nomhlabathi owomileyo izandla zakhe zawubumba. IsiZulu 2020 Ulwandle ngolwakhe, walwenza, nomhlabathi owomileyo wawubumba ngezandla zakhe. |
Owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, ogcina iqiniso kuze kube phakade;
Lapho eyala ulwandle ukuba amanzi angeqi umyalo wakhe, lapho emisa izisekelo zomhlaba.
Aningesabi na? usho uJehova, uthi: “Aniyikuthuthumela phambi kwami, mina engabeka isihlabathi emkhawulweni wolwandle ngomyalo waphakade ukuba lungedlule kuwo; uma zibhonga, azinakudlula na?
Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova uNkulunkulu wezulu, owenza ulwandle nomhlabathi owomileyo.