Ngoba uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, kanjalo isiphukuphuku nodelela bayabhubha, bashiyele abanye ingcebo yabo.
AmaHubo 94:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Qondani nina bantu abayiziwula phakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuhlakanipha nini na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Qaphelani nina zithutha phakathi kwabantu; nani ziwula, niyakuqonda nini na? IsiZulu 2020 Qaphelani nina zithutha eziphakathi kwabantu, nani ziwula, niyakuqonda nini na? |
Ngoba uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, kanjalo isiphukuphuku nodelela bayabhubha, bashiyele abanye ingcebo yabo.
Koze kube nini nina zithutha nithanda ubuwula? nezideleli zijabulela ukuklolodela, neziwula zizonda ukwazi?
Nina bangenalwazi, qondani ukuhlakanipha, nani ziwula, hlakaniphani ngenhliziyo.
Uma ingatsha zawo zibunile, ziyakuphulwa; beza abesifazane bazithungele ngomlilo; ngoba bangabantu abangenangqondo; ngakho-ke Lowo owabenzayo akayikuba nesihe kubo, futhi Lowo owababumba akazukubonisa umusa.
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana.