Wathi kubo: “Ngizweni, maLevi, zingcweliseni, niyingcwelise indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nikhiphe ukungcola kwendlu engcwele.”
AmaHubo 93:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ubufakazi bakho buqinile kakhulu; ubungcwele buyindlu yakho, Jehova, kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu. Ubungcwele buyifanele indlu yakho, Jehova, kuze kube phakade. IsiZulu 2020 Ubufakazi bakho buqinisekile impela. Simakade, ubungcwele buyifanele indlu yakho kuze kube phakade. |
Wathi kubo: “Ngizweni, maLevi, zingcweliseni, niyingcwelise indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nikhiphe ukungcola kwendlu engcwele.”
Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami.
Phakamisani uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke phambi kwesenabelo sezinyawo zakhe; ngoba ungcwele.
Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu, nikhuleke entabeni yakhe engcwele; ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ungcwele.
Kumelwe wenze ungcwecwe wegolide elihlanzekileyo, uqophe kuwo njengokuqoshwa kophawu ukuthi: INGCWELE KUJEHOVA.
Sukani, sukani, lisuke lapho, lingathinti okungcolileyo; phuma kuye; Hlambuluka nina eniphatha izitsha zikaJehova.
Emthethweni nasebufakazini: uma bengakhulumi njengaleli zwi, kungoba akukho ukukhanya kubo.
Lona ungumthetho wendlu; Esiqongweni sentaba, wonke umngcele wayo nxazonke kumelwe ube ngcwelengcwele. Bheka, nanku umthetho wendlu.
UMose wayesethi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akukhulumayo ngokuthi: ‘Ngizangcweliswa kulabo abasondela kimi, futhi phambi kwabo bonke abantu ngiyodunyiswa. U-Aroni wathula.
Khuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, uthi kuyo: Banini ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.
Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;
Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.